Uhlaka lwenqubo yokuguqula ubuciko, amasiko kanye namagugu esizwe luchazwe Emthethweni Ohlongoziwe Wobuciko Amasiko kanye Namagugu Esizwe ka-1996. Isibopho sokusebenzisa lezi zinqubomgomo sigunyaza Umnyango Wezobuciko Namasiko, oqale ukuwusebenzisa ngomhlaka-1 ku-Agasti ka-2002. Inhloso enqala ukuqondisa uphinde ukhulise ibhajethi yobuciko namasiko ukusiza ngezidingo zobuciko namasiko kulo lonke ilizwe. Ukwakha kabusha kwenhlangano nako kube semqoka kanti futhi ekuqaleni kuye kwabhekana ngqo namabandla okwenza ubuciko aphambilini, aye asebenzisa okuningi kokunikezela izimali esikhathini esedlule.
Ubuciko namasiko budlala igunya elisemqoka ekwakheni kabusha, ubumbano kanye nokubuyisana. Ezobuciko Namasiko eyunithini yomphakathi zilungiselela ukweseka amasu kuzikhungo zobuciko kanye nezinhlangano zomphakathi wezakhamuzi. Ziphathelene nokuthuthukisa ubuciko, kodwa ziphinde futhi zidlale igunya elisemqoka ngokuphathelene nenselele yezenhlalonhle. Zizama ukubhekana nezindaba eziphathelene nokufakela nokuhlanganisa kanye nokususa ukungalingani kwesigaba sezobuCiko namaSiko sokunikeza imithombo. Okuphoqelelayo okuyinqubo ukufaka amaqembu abuthakathaka afana nabakhubazekile, intsha, abesifazane kanye nezingane. Ziye futhi zanikeza ukunaka okukhethekile ezindabeni zokuguquka zesigaba ukungenisa ukulingana ekunikezeleni imithombo kanye nokulungiselela ukufinyelela kuzinhlelo. Amakhaya okudlalela, amabandla okunikeza imali kanye nezikhungo zobuciko bomphakathi zithola izamukeliso zonyaka ukuhambisa izinhlelo kanye nokuthuthukisa ubuciko namasiko.
Ukwehluka ngokwezilimi eNingizimu Afrika kwesekwa ngokuzimisela ngokomthetho ukuvikela amalungelo olimi kanye nokuthuthukiswa kwezilimi zomdabu. Ngo-2003, ikhabhinethi yavuma Uhlaka Lwenqubomgomo Lolimi Likazwelonke, oluqukethe isitatimende senqubomgomo, uhlelo lokusebenzisa kanye nekhodi lokuziphatha lolimi lwaseNingizimu Afrika. Uhlaka luthuthukiswa ukusetshenziswa ngokulingana kwezilimi ezisemthethweni eziyi-11, futhi luqinisekisa ukulungisa ezilimini zomdabu ezazibandlululwa esikhathini esedlule. Inqubomgomo ibhekene nazo zonke izakhiwo zikahulumeni, kanti lube lulokhu luqhubekisa inani lezilimi imibhalo esemthethweni yoqobo ezokhiqizwa ngazo, Iuzothuthukisa futhi ukuphatha izinsizakalo zomphakathi okunempumelelo ngokusebenzisa imibhalo efanele yolimi. Izifunda zizozakhela izinqubomgomo ngokulandela izimo zesifunda. Izinqubomgomo zizongeniswa ngamazinga ngokuqhubeka njalo.
Ukumiswa kwesikhungo Semithombo Yamagugu Esizwe saseNingizimu Afrika njengenhlangano yomthetho ngo-2002 kanye Nebandla Lamagugu Esizwe Kazwelonke ngo-2003 kwenza ukuphathwa kwemithombo yamagugu esizwe kanye nokuguqula isigaba esingabakhona kube yimpumelelo. Iphrojekthi ephambili kule ndawo iMunyiziyemu ephakanyisiwe yeNkosi Albert Luthuli KwaDukuza, KwaZulu-Natali.
Ngo-1998, Ikhabhinethi yavuma amaphrojekthi amafa ayisishiyagalolunye okuqala ukulungisa okwakuhlanakezelwe ekwethulweni kwezici ezithile zomlando wezwe, ukugqugquzela ukwakha isizwe, kanye nokufakela ekuthuthukiseni ezokuhambela ezweni.
Kuze kube manje amaphrojekthi ayisithupha asethuliwe, kufaka Netshe Lesikhumbuzo Labesifazane kanye Nesikhumbuzo Sempi YamaBhunu Ye-Anglo YaseNingizimu Afrika . Umnyango uzoxoxisana nePhalamende ukuze linikeze imvume yamanye amaphrojekthi amafa kazwelonke ayisishiyagalombili. Ukukhokhwa okuvela emalini eyahlukanisiwe ekhethekile kuzikhungo ngezinhloso zokuguqula ikhuphule amathuba okuguqula ngokukhuphula ububanzi bokunikeza imali kuzikhungo. UMnyango uqalisa ngohlelo olungolokuqala onyakeni wezimali ka-2002/03 ukwandisa ukufinyelela kuzikhungo ngokulungisa amabhilidi emnyuziyemu kanye nengqalasizinda. Ukugcizelela okukhulu kuzokubekwa futhi ekuphepheni kokuqoqiwe kanye nokwenza ukucwaninga amabhuku kukazwelonke kwako konke okungamagugu esizwe ezweni (amamnyuziyemu kanye nezinye izikhungo) ukuzama ukwehlisa imisebenzi yobugebengu, kufaka nokuhwebisana kwamazwe ngamazwe okuyinkohliso.
Indlu Yokugcina Imilando Kazwelonke kanye Nezinsizakalo Zamarekhodi aseNingizimu Afrika wezinhlelo ezingaphansi yenze inqubekela phambili enkulu ekusebenziseni izinjongo zayo zokuphatha kahle, ukuguqula, ukufinyelela kuzidingo zomphakathi jikelele zolwazi kanye nokuqhubekisa ukubuyisana kukazwelonke ngokusebenzisa ukuguqulwa kwezimpawu zobukhosi/zobuqhawe kanye nezinye. Sekwenziwe inqubekela phambili ngohlelo lwezifundazwe lokuthi zithathe izinsiza eziyizindawo zokukhweza amarekhodi nemilando. INtshonalanga Kapa okwamanje isesigabeni sokudlulisela lezi zindawo esifundazweni. Usizo lokulondoloza imilando ye-Nepad nalo lubekwe ezintweni eziphambili ohlwini lokubalulekile. Ukwengeza kulokhu, kwenziwe imithetho kazwelonke emisha emithathu. ONgqongqoshe basayine Isiqinisekiso Ngezindawo Zokulonda Amarekhodi Omlando, Ukubusa Okuhle kanye Namalungelo Abantu avela emazweni ase-Afrika ayi-10 ayeselethwa ukuthi amukelwe njengephrojekthi ye-Nepad. NgoNovemba 2003 kwenziwa Umkhandlu Kazwelonke Wemitapo Yezincwadi Nezinsiza Zezincwadi The National Council for Library and Information Services NCLIS, umhlangano wokuwumisa wawubanjwe ngoMashi 2004. Kwaqokwa ochwepheshe kwezokwakha nokufanekisa izakhiwo abazobhekela ukwakhiwa kwesakhiwo esisha seNgxenye yasePitoli yoMtapo Wezincwadi Kazwelonke eNingizimu Afrika ngo-Januwari ka-2004.
Isu Lokukhula Kwezimboni Zamasiko ukusebenzisa amandla omnotho obuciko bezandla, omculo, efilimu, okushicilela kanye nezimboni zokwenza amadizayini. Usizo lomnyango lungena ekuthuthukiseni ukubambisana nokuqala izinto ezintsha nomphakathi/nabazimele, kusetshenziswa isiko ngethuluzi lokuvuselela amadolobha kanye nemizamo yokuhlanganisa lezi zimboni. Kunokukhula kokugxila emandleni ezimboni zamafilimu. Isabelo sokusiza ebuphofini ezikhethekile sihlose ukuthi kufinyeleleke emakhonweni nasekuthengiseni njengethuluzi lokuvuselela amadolobha, ukuthuthukisa izindawo zasemakhaya, kane nokwenza amathuba omsebenzi. Amaprojekthi enziwa ngokubambisana noHulumeni bezifundazwe nabasekhaya, kanye nezinhlangano zikahulumeni kanye nalezo ezingekho ngaphansi kukahulumeni. Imizamo yokuthuthukiswa kwendawo i-Wild Coast, Lebombo ne-Maputo Corridor yizindawo okugxilwe kuzo zokuthuthukisa ezokuvakashela amasiko ezixhunywe nalokhu kwabiwa. Lo mzamo uzoqhubeka ngokwaba izimali kuprojekthi ebizwa ngokuthi i-Investing in Culture. I-Investing in Culture izolwela ukuthi inikeze amandla kuzona zonke izinto eziphathelene namasiko ekuphokopheleni ekuzuzeni lezi zinhloso ezishiwo ngenhla.
Ukufaka isandla ekuthuthukiseni imiphakathi "okuhlalwa kuyo".
Umnyango Wezobuciko Namasiko uyakweseka ukuthi imiphakathi eminingi ehlwempu ngokomnotho engaphakathi kwemingcele yethu bangabanikazi bezinsiza sidingo zemvelo nezabantu, impahla yamasiko amakhono kanye nolwazi lwendabuko, izinto zendabuko kanye namasiko okungaba ekuphumeleliseni uguquko lwenhlalo yomphakathi nanye nezomnotho. Imiphakathi yethu icebe kakhulu ngolwazi lwendabuko, amakhono kanye nemiphumela yobuciko obuvela kubantu abanamakhono aphezulu abayithatha emuveni labo lemfundo esemthethweni nengekho emthethweni. Umnyango Wamasiko Nezobuciko usebenzela ekutheni uhlelo lwe-Investing in Culture kufanele luqale ngayo le mpahla futhi lutshale izimali kubantu abanamakhono okwenza izinto, izinto eziphathelene nobuciko, ukukhiqizwa nomculo. Umqondo osetshenziswa uMnyango Wezobuciko Namasiko ohlelweni lwe-Investing in Culture ukuthi njengoba kuhlinzekwa ngosizo olusheshayo emiphakathini empofu ngezinhlelo eziningi zenhlalakahle, impumelelo ekugcineni isekutheni kuqinisekiswe ukusinyanyiswa komnotho.
Emiphakathini yasemakhaya, isigaba somphakathi othintwa yindlala kakhulu abesifazane nezingane. Uhlelo i-Investing in Culture luqonde abantu besifazane, intsha kanye nabakhubazekile ngandlela thize.
Ubuphofu Bempahla: ngokunikeza imali yokuthenga okokwenza okuluhlaza (ubuhlalu, izindwangu/okokwenza njll) kanye nokuthuthukisa ingqalasizinda kuzimo ezidlulele kakhulu.
Ubuphofu beholo/bemali engenayo: ngokunikeza ukweseka amabhizinisi angenisa imali/iholo kanye nokweseka ukumiswa kwama-SMME.
Izimakethe: Indlela ehlanganisayo yokufinyelela ezimakethe ukuthola imikhiqizo kanye nezinsizakalo zaseNingizimu Afrika iye yavunywa.
Amamaki okulinganisa emikhiqizo kanye nezinsizakalo zaseNingizimu Afrika futhi iyithuluzi lokuphawula ukwethula izinsizakalo nokuba sezingeni eliphezulu.
